Menu

I-Toyota Corolla entsha yethuliwe

It's only fair to share...Share on Facebook
Facebook
Tweet about this on Twitter
Twitter

Abakwa-Toyota bethule I-Corolla Sedan entsha kwimakethe yaseNingizimu Afrika.

 

Ama-Corolla adayiswa eNingizimu Afrika asehlukaniswe kabili. Kukhona i-Corolla Hatch ebikade ibizwa nge-Auris ngaphambilini. Enye ibizwa nge-Corolla Sedan okuyiyona ethulwe kulenyanga.

Isakhiwo sangaphambili siyafana nese-Hatch okusho ukuthi inamathoshi e-LED ifake nalawo akhanya emini nawo ayi-LED (Daytime Running Lights). Uphawu lakwa-Toyota lubekwe lalukhulu kwi-grille bese kuthi indawo yokufaka umoya ngenzansi kwe-grille yenziwa yankulu okwenza idonse amehlo. Emaceleni kukhona amathayi awu-18-inch kwi-XR kanti i-XS ifika namathayi awu-16-inch. Ngemumva uthola amathoshi anobuchwepheshe be-LED.

Ngaphakathi iyafana ne-Hatch ngokuba nesibuko esikhulu phakathi ku-dashboard. Lesisibuko esilawula umsakazo siyi-Touchscreen ewu 4.2inch kwi-XS bese kuthi i-XR ifike nesibuko esiwu-7inch esihambisana nesikhombisi sejubane esi-digital (Digital speedometer). Izihlalo zakhiwe ngesikhumba futhi baqinisekisa ubuntofo obusezingeni eliphezulu. Ihlala abantu abahlanu futhi bathi indawo yokufaka izimpahla isinyukile kwazise nayo i-Corolla isinkulu kunakuqala.

Ifika nezinjini ezimbili kuqala nge 1.8-litha enamandla angu 103kW/171Nm ehlanganiswe no-gearbox ozishintshayo onamagiya ayisikhombisa (7 speed CVT). Kuba khona ne 2.0 litha enamandla angu 125kW/200Nm yona efika no-gearbox ababili. Kungaba onamagiya ayisithupha eshintshwayo (6 speed manual) noma onamagiya ayishumi ezishintshayo (10 speed CVT). Zonke zidonsa ngamasondo angaphambili.

 

Ifika ngezinhlobo ezimbili, XS kanye ne XR yokugcnina. Ifika ne-service plan yeminyaka eyisithupha noma amakhilomitha angu 90 000. I-warranty eyeminyaka emithathu noma 100 000 wamakhilomitha.

 

Corolla 1.8 XS CVT – R 380 200

Corolla 2.0 XR 6MT – R 420 500

Corolla 2.0 XR CVT – R 433 700trIO

0