Menu

Lexus UX250 Hybrid isifika iyi EX

It's only fair to share...Share on Facebook
Facebook
Tweet about this on Twitter
Twitter

Abakwa-Lexus sebezakhele igama elihle ngobuchwepheshe bezimoto ezihlanganisa injini kaphethilomu kanye nogesi, okubizwa phecelezi ngokuthi Hybrid. Kulenyanga bathule i-UX 250h EX eyenza kube lula ukuthenga imoto eyi-SUV futhi enobuchwepheshe be Hybrid.

Selokhu yathulwa i-Lexus UX, isibe nogazi kubathengi bezimoto ezinesitayela futhi eziyi-SUV. Uma ubheka isakhiwo sayo uyabona kungani ithandeka ngoba yehlukile emgwaqeni okwenza igqame eningini. Ngaphambili uthola i-grille enkulu emaceneni kwayo uthole amathoshi asemini akhanya nge LED, bese kuba nophawu lwaka Lexus. Uma uya eceleni uthola amathayi awu 18-inch bese kuthi ngemumva ibe namathoshi e-LED. Ngaphakathi kuhlanganiswe isakhiwo esisezingeni eliphezulu kwazise phela yinto u-Lexus adume ngayo. Izihlalo zinesikhumba, ezangaphambili zilawulwa ngogesi futhi ziyafudumala. Uma ubheka ku-dashboard uthola isibuko sokulawula umsakazo kanye nokwazisa umshayeli ngesimo semoto (infotainment system). Isikhombisi jubane si-Digital kanti kunendawo yoku-charger umakhalekhukhwini ungaxhumanga ntambo (Wireless charging). Abakwa-Lexus bathi njengoba iyi-SUV, i UX ihlala abagibeli abahlanu nezimpahla ngokunethezeka.

Uma ubheka injini, uthola ekaphethilomu eyi 2.0-wamalitha enamasilinda amane (4 Cylinder). Uma ihlangene nenjini kagesi, zombili zikhipha amandla angu- 135kW okwenza isuke ku 0 iye ku 100km/h ngemizuzwana engu 8.5 igcine ku 177km/h. Ino-gearbox ozishintshayo futhi idonsa ngamasondo angaphambili. Abakwa Lexus bathi idla 4.5l/100km kaphethilomu kwazise phela uma ihamba kancane isebenzisa injini kagesi kuphela bese uma ufuna amandla kungenelele ekaphethilomu.

Emgwaqeni bayathembisa ukuthi inobuntofo obujwayeleke kwi-Lexus futhi ukuthula ngaphakathi kusezingeni eliphansi kakhulu okwenza kube sengathi ihamba emoyeni ngendlela ethula ngayo. Ubuchwepheshe be Android Auto kanye ne Apple CarPlay kanye ne Wi-Fi sebuyatholakala kuwona wonke ama Lexus UX. Ifika ne warranty yeminyaka eyisikhombisa noma 105 000 wamakhilomitha kanye ne Maintenance Plan ebhekelela yonke into yemoto. I UX 250 EX itholakala ngenani lika R690 300.

0