Ukuthenga ingulube esakeni kuyinto sonke esingathandi ukubhekana nayo ngoba kusho ukuthi uma uthenga impahla ebhedayo, ubona uma usulivula isaka ukuthi uthenge inkinga. Uma kuza ezimotweni, lokhu kwenzeka uma uthenga imoto kakhulukazi eyi 2nd Hand. Umthetho ovukela umthengi obizwa nge Consumer Protection Act wenzelwa ukunika abathengi ulwazi ngamandla abanayo uma bethenga imoto eyi 2nd hand ukuze benze isinqumo esiphusile. Okubalulekile uma ubheka umthetho we Consumer Protection Act:

  • Bhekisisa inkontileka yokuthenga imoto noma eyesikweletu ukuqinisekisa ukuthi awuthengi ngendlela ebhalwa ngokuthi “voetstoots” noma “as is” noma “as scrap” ngoba lemigilingwane engenziwa amagaraji isijwayelekile.
  • Qinisekisa ukuthi i-Offer to Purchase ineminingwane ovumelananayo namanani ngaphambili kokuyisayina. Qinisekisa ukuthi nalo igaraji (umdayisi – sales person) uyayisayina bese ube ne copy ye Offer to Purchase.
  • Umthetho we Consumer Protection Act uthi umdayisi wemoto eyi second hand kumele adayise imoto esesimweni esiphezulu ngesakhiwo, isebenze ngendlela efanele futhi ngendlela eyakhelwe yona bese kuba ukuthi ayinako ukufa ngokomzimba noma ezinsimbini.
  • Umthetho (Act) ubeka ukuthi kube nesikhathi esingangezinyanga eziyisithupha lapho umthengi evikelekile ngokomthetho uma imoto ayithengile ingakwenzi okufane noma ifa. Lokhu kufana nokuvikeleka kwe Warranty. Lokhu kusho ukuthi uma uthenge imoto eyi 2nd hand yabe isiba nenkinga eyenza ingasebenzi ngendlela, umthengi uyavikeleka ekuqolweni umdayisi.
  • Lokhu kusho ukuthi kungakaphezi izinyanga eziyisithupha, umthengi uma efelwa yimoto, uyakwazi ukuya esitolo lapho ethenge khona abaphoqe ukuthi bayilungise lapho ife khona, bayishintshe bamnike enye esebenza kancono noma bamubuyisele imali yakhe ngokugcwele.
  • Ngokomthetho we Consumer Protection Act, umdayisi uphoqelekile ukuthi akwenze kokunye kwalokhu okubekwe ephuzwini elingaphezulu ngokuhambisana nezifiso zomthengi.

Ukhumbule:

  • Vakashela amagaraji ahlukene ngaphambili kokuthenga. Qinisekisa ukuthi uthenga egaraji elidayisa ngokomthetho noma uthenge kuma used cars alamagaraji adayisa izimoto ezintsha.

Uma ungagculiseki ngendlela ophatheke ngayo egaraji lapho uthenga khona imoto, nazi izinyathelo ongazithatha: 

  • Thinta nehhovisi le Moto Industry Ombudsman ufake udaba ukuthi baluxazulule ngokubathinta ku 08611 64672
  • Ihhovisi lesifundazwe laka Consumer Affairs uma umthengi nomdayisi bekwisifundazwe esisodwa
  • Ihhovisi le National Consumer Commission : 012 428 7000