Kulesimo esingesihle sezimali, kuyenzeka ungene enkingeni yokungakwazi ukukhokhela isitolimende sakho semoto bese ugcina uzifaka enkingeni enkulu lapho uthi uyasizakala. Kokunye abantu abathunywa ngamabhange bavela kuwe sengathi bayakusiza kanti bayakuqola futhi ugcina wenza izinto ezingekho emthethweni. Kulelisonto sithole incwadi kumfundi obecabanga ukuthi uyasizakala kanti uyaqolwa abantu azitshela ukuthi abasebhange.
Encwadini ayibhalile udalule lamaphuzu:
- Ngesikhathi se-Lockdown akakwazanga ukusebenza ngemoto ethutha abantu wagcina esalela emumva ngesikweletu. Kuthe sekwehlile imigomo y elockdown waqhubeka wasebenza wase ekwazi ukukhokha kodwa asala ama arrears.
- Ube esebona ngabantu befika kwakhe bethi bathunywe ibhange ukuzolanda imoto ngenxa yama arrears alinganiselwa ku R25 000. Uthe uma ekhulumisana nabo bathi akakhokhe uR10 000 kubona khona bezokwazi ukuvikela ukuthi ingathathwa imoto. Ube esebanika lemali esandleni base bethi akaye koshintsha I number plate ukuze i-bank lingayiboni imoto. Base bemthembisa ukuthi bazomnika I logbook uma ebanika R20 000 bese engabe esayikhokhela imoto kusukela ngalesosikhathi.
- Uthe esahlanganisa lemali ukuze athole le logbook wase ecela umbono ukuthi lokhu kusemthethweni yini lokhu okushiwo yilabantu.
Uma simuphendula kumele sibeke nanka amaphuzu:
- Ngesikhathi se lockdown amabhange amaningi ayenika amakhasimende awo isinxephezelo noma isikhathi sekhefu ekukhokheleni imali yestolimende. Lokhu kwakuhambisana nezinyanga ezithile ababezibekile. Yize isikhathi sesihambile, kubalulekile ukuthintana nebhange lakho uthole ukuthi ungakwazi yini ukuthola usizo ngoba waba nokuphazamiseka ezimalini ngenxa ye Lockdown. Amanye amabhange ayenyusa iminyaka yokukhokhela imoto ukuze lezizinyanga ze-lockdown zidluliselwe phambili. Lokhu namanje kuyenzeka uma ufaka isicelo sakho esiya ngqo ebhange.
- Uma kufika abantu abathunywe yibhange, ngisho kuthiwa uyaqinisekisa ukuthi bathunywe yilo ngempela ibhange, akuvumelekile bathathe imali kuwena. Uma unayo imali yokukhokhela lawo ma arears, kumele uyifake kwi account yebhange ngqo bese ubeka I deposit slip ezoba ubufakazi uma kwenzeka kuba khona inkinga.
- Uma ushintsha I number plate emotweni yakho, lokhu akusizi ngoba uma ibhange lithumela labo ababheka abangakhokhi, lisebenzisa I NATIS yezomnyango wokuthutha. Uma ushintsha i-number plate, ishintsha kuyo I NATIS okusho ukuthi akukusizi ngoba le number plate entsha nayo izovela kulabo abafuna izimoto ezingakhokhelwa.
- Okokugcina, I logbook itholakala kuphela uma ibhange selikhiphe incwadi eshoyo ukuthi ususikhokhele wasiqeda ngokugcwele isikweletu semoto. Uma uthola leyoncwadi, ibe isihambisana ne logbook ekhombisa lona ibhange ukuthi lingumnini wemoto. Ube usuyisa emnyangweni wezokuthutha (Traffic and licensing department) noma komasipala abavumelekile ukwenza eze licensing. Uma ubanika lezizincwadi ezihambisana ne yellow form (Change of ownership) esayindwe umuntu wasebhange wafaka nesifanekiso sikamazisi wakhe (ID Copy) ube usuthola i-logbook entsha esegameni lalowo obeyikhokhela imoto. Iyona kuphela indlela othola ngayo i-logbook okusho ukuthi uma ukhokhela umuntu othi uzokwenzela, uzokuqola imali bese ibhange liyayithatha imoto ngoba uzobe ungasayikhokheli.
